TIziMfihlakalo EzeMbuliwe



Ngasekuqaleni enkonzweni kaMfowethu Branham kwacaca ukuthi inqubo yehlelo yakhiwa ukuqhubekisela phambili izinhlangano zezenkolo, futhi hhayi iVangeli leqiniso. UMfowethu Branham wayelikholwa iBhayibheli iZwi ngeZwi, futhi wayengaxegisi, ngisho noma kwakusho ukubandlululwa kozakwabo, abangani, noma umndeni.

Ngenkathi esalokhu eyilunga leBandla leMissionary Baptisti, watshelwa ukuba agcobe abefundisi besifazane. Nokho, wayeyazi imiBhalo yonke kahle kakhulu. U I Thimothewu 2:12 usho ngokucacile, “Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda, kodwa makazithulele,” naku I KwabaseKorinte 14:34 kuthi, “Abesifazane benu mabathule emabandleni: ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume…” Lokhu kwakungelutho olumelene nabesifazane, kodwa iBhayibheli lalilubeka ngembaba udaba. Ngenkathi okokugcina ngci kunikezwa, wayengenakuxegisa ngakho walishiya ibandla.

Lowo kwakungesiwona kuphela umBhalo owawunganakwa ngokuphelele ngamahlelo. INkosi yembula iqiniso lombhaphathizo kuMfowethu Branham. Wayengayala kanjani uJesu, “Ngalokho hambani, futhi nifundise izizwe zonke, nibabhaphathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele,” nokho wonke umbhaphathizo oqoshwe eBhayibhelini wawuseGameni likaJesu na? Umphostoli uPetru wayala eZenzweni 2:38 ukuthi phendukani nibhaphathizwe eGameni likaJesu Kristu. ImiBhalo isebenza ngobunye obuphelele, kodwa kwathatha umprofethi ukwembula lemfihlo: u “Yise” akusilo igama, i“Ndodana” akusilo igama, no “Moya oNgcwele” akusilo igama. Njengendoda eyodwa nje inguyise wabantwana bayo, indodana yabazali bayo, nomfowabo ezalana naye, nokho igama layo ayisuye u “yise,” i “ndodana,” noma u “mfowabo.” UYise, iNdodana, noMoya oNgcwele yiziqu zeGama likaJesu Kristu. UMathewu 28:19 neZenzo 2:38 kwangena ekuhlelekeni ngokuqondisa ngokuphelele.

Ngisho nesono sasekuqaleni eNsimini yaseEdene sembulwa, hhayi njengokudla isithelo, kodwa into ethize ebikezela kakhulu kakhulu ububi. Kwakungenza kanjani ukudla ucezu lwesithelo masinya kwembule kuAdamu noEva ukuthi babehamba-ze na? Kalula nje akwenzi-mqondo. Lihlanganaphi iapula nobunqunu na? UMprofethi kaNkulunkulu wayembula ngokusobala lemfihlo.

Zazingobani izingelosi okukhulunywa ngazo eSambulweni isahluko 2 nese 3 na? Amagama azo angezwakala ejwayelekile.

Bangobani abagibeli bamahashi abayimfihlakalo beSambulo isahluko 6 na? Banento eyodwa esemqoka kakhulu enhlanganyelweni.

Ngabe iUnited States iyaphathwa yini eNcwadini yeSambulo na?

Obani i144,000 abasindiswa esahlukweni 7 na?

Ubani isifebekazi esikhulu sesahluko 17 na? Inkomba yaso nazo zonke lezizimfihlakalo zembulwa eMlayezweni walomprofethi onamandla othunywe evela kuNkulunkulu.

Akusikho kuphela ukuthi izimangaliso ezingenakubalwa zalandela lendoda, kodwa izimfihlakalo ezifihlwe eBhayibhelini iminyakanyaka nazo futhi zembulwa enkonzweni yakhe. Kwacaca ukuthi lomprofethi wagcwalisa eminye imiBhalo eminingi kunoMalaki 4.

Isambulo 10:7: Kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa, lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe, njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi.

IPhimbo limemeza ezweni ukuba kuphunywe emahlelweni futhi kubuyelwe eZwini likaNkulunkulu lasekuqaleni. Ngamunye wethu unethuba elifanayo uPetru, uJakobe, noJohane ababenalo. Sinethuba lokuba sibalwe nabayingcosana abaqokiwe bakaNkulunkulu abangayikukhothama ezinhlanganweni zezenkolo zosuku.

UmBhalo oNgcwele uqopha izimpilo nemisebenzi yamadoda ahamba noNkulunkulu futhi ayegcotshwe kakhulu ngoMoya waKhe ukuthi amemezela u ISHO KANJE INKOSI, namazwi awo aqiniswa yizibonakaliso nezimanga ezingenakuphosisa. Ayengabaprofethi bakaNkulunkulu, nePhimbo likaNkulunkulu esizukulwaneni sawo.

Ngabe izikhathi zehlukile yini manje kunoma zazinjalo ngenkathi uJesu wayelapha na? Kwakungabaholi bezenkolo abaMbethela. Abafundi babeyidlanzana elincinyane phakathi kwenqubo enkulukazi yezenkolo. Babebandlululwa, bebhuqwa, futhi ekugcineni babulawe ngokuma bamelane nenkambiso yenqubo yobuhlelo. Singahle singabulawa ngenkolelo yethu namuhla, kodwa sihlushwa ngempela. NjengabaFarisi nabaSadusi, bangeziphike izimangaliso ezalandela inkonzo kaMfowethu Branham ngakho basebenzisa okunye ukuhlasela. Ungahle uzwe ukuthi wayengumprofethi wamanga, umholi wenkoloze, noma okubi kakhulu. Entweni ekhona ngempela, wayeyindoda ethobile kaNkulunkulu eyama yagxila imelene nokulawula kokungazinikeli amahlelo nezinkoloze ezinakho phezu kwabantu bakaNkulunkulu. Bahlasela uJesu ngendlela efanayo ngenkathi Emelana nezimfundiso zabo ezingenakuphikiswa namasiko.

UNkulunkulu wakuhlonipha ukuvuma kukaMfowethu Branham ukukholwa lonke iZwi eBhayibhelini, futhi Usebenzisa inkonzo yakhe ukuholela izigidi zemiphefumulo kuJesu Kristu. Namuhla, iPhimbo leNgelosi yesiKhombisa libetha icilongo ngokuzwakala kakhulu njengoba beLilokhu linjalo. Cishe abantu abayizigidi ezimbili umhlaba-jikelele bayawukholwa uMlayezo kaMfowethu Branham. Leli kungahle kube yidlanzana elincinyane lezigidigidikazi ezimbili ezizisho ubuKristu, kodwa kunini lapho abantu bakaNkulunkulu bengesilo idlanzana na?

Sinezingaphezu kwe 1,200 izintshumayelo eziqoshiwe eziqukethe iPhimbo elaprofethwa ukuba lifike eSambulweni 10:7. Ngayinye yalezizintshumayelo ivula isihluthulelo sezimfihlakalo ezinye eziningi zikaNkulunkulu. LeloPhimbo likhona kuwe uma uvuma ukuLizwa.

 

UKUKHETHA KUNGOKWAKHO

Akukho ngisho isikhashana esisodwa lapho engiletha khona umlayezo kubantu ukuze bangilandele, noma bajoyine ibandla lami, kumbe ngiqale ukuhlanganyela okuthize nenhlangano. Angikaze ngikwenze lokho futhi angeke ngikwenze lokho manje. Anginantshisekelo ngalezozinto, kodwa nginayo intshisekelo ezintweni zikaNkuunkulu nabantu, futhi uma ngingafeza into eyodwa nje ngiyoneliseka. Leyonto eyodwa ingukubona kwakheke ubuhlobo beqiniso bokomoya phakathi kukaNkulunkulu namadoda, lapho khona amadoda eba yizidalwa ezintsha kuKristu, egcwaliswe ngoMoya waKhe futhi aphile ngokweZwi laKhe. Ngithanda ukumema, nginxuse futhi ngexwayise bonke ukuba bezwe iphimbo laKhe kulesisikhathi, futhi ninikele izimpilo zenu ngokupheleleyo kuYe, njengoba ngisho ngethemba enhliziyweni yami ukuthi nginikele konke okwami kuYe. UNkulunkulu anibusise, futhi sengathi ukuza kwaKhe kungathokozisa inhliziyo yenu.

Mfu. William Marrion Branham

 

 

 

Ngolunye ulwazi olwengeziwe ngenkonzo kaMfundisi William Branham nokuthi ungazithola kanjani izintshumayelo zakhe,
siza uxhumane ne:

THEMESSAGE.COM

P.O. Box 950
Jeffersonville, IN 47131, USA
812-256-1177