INsika YoMlilo



UMfowethu Branham kaningi uchaza iNsika yoMlilo eyayiqinisekisa inkonzo yakhe. Yayikhona ekuzalweni kwakhe, yabonwa yizinkulungwane ogwini loMfula iOhio, futhi yayibonakala imlandela nomaphi lapho ayeya khona. Kwakungu 1950 ukuthi iNkosi yanikeza kokubili amakholwa nabangakholwayo ngokufanayo ubufakazi obungenakuphosisa ukuthi leNsika yoMlilo yayinomprofethi.

Ubusuku babumbozwe ukuphikisana eSam Houston Coliseum. UMfowethu Branham wayehola imvuselelo yokuphilisa eyayishanela izwe. Izibusiso zeNkosi uJesu zazithululeka njengemvula phezu kwamasimu okomoya kakolo. Kodwa izibonakaliso ezinkulu nezimanga akufikanga ngaphandle kokugxekwa. Njenganjalo, isitha savuka imbangi. Imibutho emibili yahlangana eHouston eTexas, neNgelosi yeNkosi qobo lwaYo yehla ukuzolwa impi.

Izinkulungwane zase zivele zikhona ukuzozibonela izimangaliso ezingenakubalwa ezalandela lendoda kaNkulunkulu. Usuku ngaphambi kwesikhathi, iqembu labefundisi bendawo laphosela umprofethi inselelo enkulumweni-mpikiswano phezu kokuphilisa ngokukaNkulunkulu, kodwa inselelo yawela kuwabo womprofethi omdala othembekile, uMfundisi F.F. Bosworth. Abaningi abanqikazi babelwelwa ngumfundisi wendawo oyiBaptisti nomgxeki ongusomlomo wokuphilisa ngokukaNkulunkulu. Inkulumo-mpikiswano equbukayo yaputshukela emaphephandabeni, okwathi ngokushesha asakaza izihloko, “Uboya beSayense yezenkolo BuzoNdiza Ngele 7 p.m. Namuhla ESam Houston Coliseum.”

Umnqikazi waqasha umthwebuli wezithombe okufundele, uTed Kipperman waseDouglas Studios, ukuba abhale inkulumo-mpikiswano. Ngalokho kuhlwa, izithombe zathathwa noMfowethu Bosworth emi ngokuzithoba lapho umnqikazi emi ngokuzimisela ngezikhundla zokwesabisa; ngesinye isikhathi ngomunwe wakhe wawuhlokoloza ebusweni bendoda endala ezithobile.

Ngenkathi inkulumo-mpikiswano iqala, uMfundisi Bosworth ngokushesha wafakazisa ubuqiniso bokuphilisa ngokukaNkulunkulu ngobufakazi obubonakalayo bangokomBhalo kwase kuthi-ke, ukungashiyi-mbuzo, wacela bonke labo ababekade bephilisiwe ebuthakathakeni babo ukuba baphakame. Izinkulungwane zaphakama zama ngezinyawo zazo. Emva kokuba labo ababephilisiwe sebethathe izihlalo zabo, wacela uma labo abaphiliswa ngokuphilisa ngokukaNkulunkulu ababengamalunga ekumeni okuhle kwehlelo lalendoda ukuba bame. Amalunga ebandla angamakhulu amathathu aphakama ukuba ngokuqhosha aveze obala isihawu iNkosi uJesu ayewakhombise sona.

Inselelo yavela kumnqikazi-ke. “Akavele lowomphilisi ngokukaNkulunkulu. Makenze.” UMfowethu Bosworth wakucacisa ukuthi uJesu wayenguyena kuphela uMphilisi ngokukaNkulunkulu, kodwa ukuklabalasa okuvela kumnqikazi kwaqhubeka. Ekugcineni, uMfowethu Bosworth wamemela uMfowethu Branham emsamo. Wasemukela isimemo phakathi kwezinhlokomo zokweseka.

Umprofethi, egcwaliswe ngoMoya oNgcwele, wanikeza impendulo elandelayo:

Ngingephilise-muntu. Lokhu ngiyakusho. Ngenkathi ngiseyingane ngizalwa enhla eSifundeni saseKentucky, ngokukamama wami uqobo othandekayo, nalokho okuqinisekiswe empilweni yami yonke, kwaba khona ukuKhanya okwangena ekamelweni lalawo mafuhlufuhlu amadadlana lapho, lapho okwakukhona, lingekho iphansi kulo, lingenalo ngisho nefasitela, babenento endadlana nje yefasitela lapho, njengesicabha esincane, futhi basifuqa savuleka cishe ngelesihlanu nqo ekuseni, nalokhu ukuKhanya kwashaya indingilizi phakathi njengoba nje kwakungukusa kosuku. Kusukela ngalesosikhathi, beKunami. KuyiNgelosi kaNkulunkulu. Yahlangana nami siqu eminyakeni embalwa edlule. Kusukela phansi empilweni yami, Yangitshela izinto okwenzekile, futhi ngizishilo njengoba Ingitshela nje. Futhi ngiphosela inselelo noma ubani kunoma yiyiphi indawo, ukuba aye edolobheni lapho engakhuliswa khona, kumbe noma yiyiyiphi enye indawo, ukuthi isitatimende esike senziwa eGameni leNkosi, kepha sifika nje ncamashi ngendlela okwathi sasizofika ngayo.

Emva kokuba esho lawomazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu komsamo, nomthwebuli wezithombe oxhuxhumayo wasithatha isithombe. UMfowethu Branham wasuka emsamo nesilula, nokho isitatimende sesiprofetho: “UNkulunkulu uzofakaza. Ngeke ngisasho.”

Obambisene noMnu. Kipperman ngokushesha waya kosebenza ekhulisa izithombe enzela izindaba zangokusa okulandelayo. Waqaphela into eyinqaba lapho edonsa isithombe esithwetshuliwe sokuqala ekuxazululeni kokukhulisa. Sona, njengezilandelayo izithombe ezithwetshuliwe eziyisihlanu, sasingenalutho. Wadumela inhliziyo yakhe futhi wawela ngaphambili ngenkathi edonsa esokugcina esiprintiwe esixazululweni. Lapho, kulesosithombe esithwetshuliwe sokugcina, kwakuyiNsika yoMlilo esimweni esibonakalayo iphumule phezu kwekhanda lomprofethi kaNkulunkulu, uWilliam Marrion Branham.

Abantwana bakwaIsrayeli bazibonela iNsika yoMlilo ihola uMose, nabantu balolusuku lwamanje bazibonele leyoNsika yoMlilo efanayo ihola omunye umprofethi.

Isithombe esithwetshuliwe ngokushesha sanikezelwa kuGeorge J. Lacy, uMhloli Okufundele wemiBhalo yobufakazi Obungatshazwayo waseU.S. F.B.I., owasiqinisekisa isithombe ngombono wakhe wobungcweti. Incwadi esemthethweni eyavezwa nguMnu. Lacy isekhasini elilandelayo.

Lokhu kwakukudala ngaphambi kwamakhomputha noma amakhamera asebenza ngezinombolo, futhi kwakungenakuchazwa nganoma yiziphi izindlela zokwenza ezaziwa kwisayense, kunokuba kwakukhona ukuKhanya kwangempela phezu kwekhanda likaWilliam Branham. Namuhla lesosithombe esithwetshuliwe esifanayo singabonwa eSigcina-mabhuku SikaKhongolose eUnited States, ekomkhulu lesizwe, eWashington DC.