UmProfethi?



EBhayibhelini, uNkulunkulu njalo wayeletha uMlayezo waKhe kubantu bezwe ngomprofethi wonyaka. Wakhuluma kuMose ngesihlahla esivuthayo wayesemnika ukuthunywa ukuba ahole amaHeberu aphume eGibhithe. INsika yoMlilo ebonakalayo nezinye izibonakaliso kwanikezelwa ukuba kuqinisekise inkonzo yakhe. UJohane umBaphathizi waletha uMlayezo elungiselela izwe ngokufika kukaMesiya. Esabhaphathiza iNkosi uJesu eMfuleni iJordani, iPhimbo elivela eZulwini laqinisa ukuthunywa kukaJohane ukuba ethule iWundlu likaNkulunkulu, “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, eNgithokozile ngayo.” Iminyaka kamuva, iPhimbo leNkosi laphinda lezwiwa likhuluma kumprofethi ngenkathi Ikhuluma kuPawulu ngokuKhanya okuphuphuthekisanayo, futhi kamuva yamnika ukuthunywa ukubeka amabandla ngokwenqubo. Kuwo onke amaTestamente eLisha neliDala, uNkulunkulu akakaze akhulume kubantu baKhe ngenqubo yobuhlelo noma inhlangano yezenkolo. Ubehlala njalo ekhuluma kubantu ngendoda eyodwa: umprofethi waKhe. Futhi Waqinisekisa lababaprofethi ngezibonakaliso ezingaphezu kwemvelo.

Kodwa kuthiwani ngenamuhla na? UNkulunkulu usalembula iZwi laKhe kubaprofethi na? Zisekhona yini izibonakaliso ezingaphezu kwemvelo na? UNkulunkulu ubengamthuma umprofethi wosuku-lwamanje ezweni na? Impendulo ingeqinisekisayo kakhulu impela, “Yebo!”

Kodwa siyokwazi kanjani uma umprofethi esevuka na? Uyobukeka enjani na? Uyokwenza kanjani na? Sibonakaliso sini ayosinika sona na? MiBhalo mini ayoyigcwalisa na?

Abaprofethi basendulo babengamadoda kaNkulunkulu angamaqhawe, futhi ayengesabi ukumelana nezinhlangano zezenkolo. Empeleni, babecishe impela behlala bethukwa abefundisi bezenkolo. UElija waziphonsela inselelo izinhlangano zezenkolo zosuku lwakhe, ebabuza ukuthi uNkulunkulu wayeyowubusisa yini umnikelo wabo, noma owakhe. Bamemeza. Baprofetha. Bagxumela ngaphezu kwealtare. Bazisika ngemimese. Kodwa uNkulunkulu akabezwanga. UElija wabuka phezulu eZulwini wayesethi, “Makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulunkulu kwaIsrayeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho.” Wabe-ke esebiza umlilo ukuba wehle uvela eZulwini ukuba uqothule umnikelo. UMikaya umprofethi wamelana neNkosi yakwaIsrayeli, nobupristi bonke gulukunqu, ngenkathi esola umPristi oMkhulu uZedekiya ngokuprofetha amanga. UmPristi oMkhulu wammukula ebusweni neNkosi yamfaka etilongweni ngenxa yokukhuluma iqiniso. Ngisho neNkosi uJesu wayezondwa kakhulu yizinhlangano zezenkolo zangosuku lwaKhe baze baMbethela kanye nezelelesi ezimbi kakhulu kunazo zonke. Uma umlando uphethe iqiniso, umprofethi uyozondwa yinqubo yobuhlelo yamanje, futhi uyothathwa ngokuthi ungokholwa ngokuphambene nokukholwa okuyikho, umprofethi wamanga, noma okubi kunalokho. Kodwa uNkulunkulu uyoma ngenceku yaKhe.

Uma bekunomprofethi ngalolusuku lwamanje, ubeyokwemukelwa kanjani yiBandla eliKatolika na? IBandla leBaptisti na? IBandla lamaLuthela na? Noma yiliphi ihlelo na?

INkosi uJesu wathuma bonke abaMkholwayo: “Nalezizibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayakukhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha; Bayakuphatha izinyoka ezinobuqili; futhi uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba-nangozi kubo; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, futhi bayakusinda.” (Marku 16:17-18). INgabe lomBhalo uqinisile namuhla na? Uma ungaqinisile, aphelelwa nini yisikhathi amaZwi eNkosi na? Kulo lonke iBhayibheli, abaprofethi babekwazi ukuphilisa abagulayo, bakhiphe amademoni, futhi benze izimangaliso. UMose wabeka inyoka enobuqili yethusi phambi kwabantu bakwaIsrayeli ukubaphilisa ekulunyweni yizinyoka ezinesihlungu (uNumeri 21:9). UNamani, umSiriya onamandla, weza kuElisha ukuba aphiliswe ochokweni (II AmaKhosi 5:9). Ngenkathi insizwa iwela ekufeni kwayo isuka efasiteleni eliphezulu, umphostoli uPawulu wayigona wayesebuyisela ukuphila emzimbeni osufile (iZenzo 20:10). Sinokuqoshiwe kuphela kweminyaka ethi ayibe yi 3½ yempilo yeNkosi yethu uJesu, kodwa phakathi naleyominyaka embalwa, ngokuqhubekayo Waphilisa abagulayo. Izimpumputhe zenziwa zabona. Abanochoko baphiliswa. Izithulu zathola ukuzwa kwazo. Izinyonga zahamba. Lonke uhlobo lwesifo lwaphiliswa (Math 4:23).

UNkulunkulu futhi waqinisekisa abaprofethi bakhe ngezinye izindlela ngaphandle kokuphilisa. Ngisho nezimfihlo ezazigadwe kakhulu zenhliziyo zenziwa zaziwa kulamadoda kaNkulunkulu. Inkosi uNebukadinezari wayenephupho elikhathazayo, kodwa akakwazanga ukukhumbula ukuthi lalimayelana nani. Umprofethi uDanyeli wayitshela inkosi kokubili iphupho nesiprofetho esalandela (Dan 2:28). Akukho lutho olwalufihlakele kuSolomoni ngenkathi iNdlovukazi yaseSheba ifika phambi kwakhe. Wayegcwaliswe kakhulu ngoMoya ngangokuthi wayitshela imibuzo yenhliziyo yayo ngaphambi kokuba iyibuze (I AmaKhosi 10:3). UElisha watshela iNkosi yakwaIsrayeli onke amaqhinga eNkosi yaseSiriya, ngisho namazwi akhulunywa ekamelweni layo lokulala (II AmaKhosi 6:12).

Ngeminyakazo yaYo uqobo, iNkosi uJesu kaningi yakhombisa ukuthi loMoya wokubona okufihlakele unguMoya kaKristu. Wabona imvelo efihlakele kaNathanayeli ngenkathi Ethi, “Bheka umIsrayeli uqobo, okungekho-nkohliso kuye!” Futhi uJesu waqhubeka nokutshela uNathanayeli ukuthi wayekuphi ngenkathi uFiliphu emtshela ngoMesiya (Johane 1:48). Ngenkathi uNathanayeli ebona ukuthi uJesu wayeyazi inhliziyo yakhe, masinya waMqonda njengoKristu. Okokuqala uJesu ebona uPetru, Wamtshela igama likayise, uJona (Johane 1:42). UPetru-ke washiya konke wayeselandela uJesu zonke izinsuku zokuphila kwakhe. UJesu wabonana nowesifazane waseSamariya emthonjeni wayesemtshela ngezono zakhe zesikhathi esedlule. Amazwi akhe okuqala ayengukuthi, “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena” (Johane 4:19). Bonke bobathathu balababantu babevela emikhakheni ehlukene yempilo, nokho masinya bamqonda uJesu ngenkathi Ebakhombisa isiphiwo sokubona okufihlekele.

Ngabe lesisiphiwo sanyamalala ngenkathi ikhasi lokugcina leBhayibheli lilotshwa na? Uma lezizimangaliso zilotshwe ngokusobala kakhulu eBhayibhelini, ziphi namuhla na? Umprofethi wosuku lwamanje uyoqinisekiswa ngempela yizimangaliso.

Ngabe uNkulunkulu usebakhohliwe abantu baKhe na? Usakwazi ukuphilisa abagulayo na? Usakhuluma kithi ngabaprofethi baKhe na? Ngabe noma yimuphi wabaprofethi ulubona ngaphambili lolusuku na?

Ngabe zikhona yini iziprofetho ezisazogcwaliseka na?