UKUVAKASHA KWENGELOSI



Imibono yaqhubeka. Watshelwa ngozakwabo abangabefundisi basesontweni ukuthi imibono yakhe yayingaveli kuNkulunkulu. Watshelwa ukuthi weyekhwelwe ngumoya omubi. Lokhu kwamkhathaza ngokujulile. Umthwalo waba-mkhulu kakhulu ukuba awuthwale, ngakho waya ehlane ukuyothola iNtando kaNkulunkulu. Wayezinikele kakhulu ngangokuthi wafunga ukuthi angabuyi engenampendulo. Kwakulapho, endlwaneni yezingodo endala yokucuphela, ukuthi iNgelosi yeNkosi yamnika ukuthunywa kwakhe. Phakathi kwezinye izinto, iNgelosi yamtshela lokhu: “Uma uthola abantu ukuba bakukholwe, futhi ube qotho nxa ukhuleka, akukho lutho oluyoma phambi kwemikhuleko yakho, hhayi ngisho nomdlavuza.”

Konke ukungabaza kwase kuhambile. Manje wayesenokuthunywa futhi ngesibindi wathatha amagxathu aya phambili. Imvuselelo yokuphilisa yayisiqalile.

Amakhulu ezinkulungwane ethamela imikhankaso kaBranham. Izinkulungwane zaphiliswa ngeGama leNkosi uJesu Kristu. Abanye abavangeli njengo Oral Roberts nje, uT.L. Osborn, no A.A. Allen masinya balandela uMfowethu Branham base beqala imikhankaso engeyabo yezimvuselelo zokuphilisa. INkosi yanisa yehlisa izibusiso zaYo njengokungakaze ngaphambili. Isandla esiphilisayo sikaJesu Kristu sasesiphinde futhi sathinta abantu baKhe.

“Bengikhala kaningi yinjabulo phezu kwesiphiwo sikaNkulunkulu samaduzane nje ebandleni likamfowethu othandekayo, uWilliam Branham, ngesiphiwo sakhe esimangalisayo sokuphilisa. Lolu wudaba lukaNkulunkulu enza okukhulu kakhulu ngaphezu kwakho konke esingakucela noma sikucabange (Ef. 3:20), ngokuba angikaze ngibone noma ngifunde noma yini elinganiswa nenkonzo yokuphilisa kaWilliam Branham.”

UMfu. F.F. Bosworth, umvangeli odume umhlaba wonke nomunye wobaba abasungula ihlelo Assemblies Of God kanjalo nenhlangano yamaPentecostal amanje.

“Kwesinye isenzeko, sabhekisisa lapho ekhuluma endodeni ilele embhedeni owuhlaka. Ekuqaleni kwakungekho-phawu lokusabela okunobuhlakani endodeni. Ukuchaza kwase kuvela kunkosikazi emi eduzane, ukuthi indoda yayingabulawa umdlavuza kuphela, kodwa yayiyisithulu futhi ingakwazi ukuzwa okwakushiwo.

UMfowethu Branham ke wayesethi kwakuzodingeka ukuba indoda yemukele ukuzwa kwayo ukuze akwazi ukuyiyala mayelana nokuphiliswa komdlavuza wayo. Kwabakhona isikhashana somkhuleko. Ngokuzuma indoda yase ikwazi ukuzwa! Izinyembezi ezinkulu ezibanzi zehla ngezihlathi zaleyondoda ebuso bayo lonke ikusihlwa lalingenakuzwakalisa kakhulu futhi lingathinteki. Yalalela ngokukhathalela okujulile njengoba yatshelwa ngokukhululwa kwayo kumdlavuza.”

UMfu. Gordon Lindsay, umbhali oyingcweti, umfundisi, nomsunguli weChrist For The Nations Insitute.

“UMfowethu Branham wathi, ‘Indoda kaKhongolose isiphilisiwe.’ Inhliziyo yami yagxumagxuma. Ngaphuma ngathi qekelele ngase ngemukela iNkosi njengoMphilisi wami. Ngazibeka eceleni izinduku zami zokuqhugela… nengaphansi leZulu lehlukana.”

UWilliam D. Upshaw, indoda kaKhongolose waseUS (1919-1927), omele ukhetho lukaMongameli wase US ngo 1932. Wakhubazeka selokhu awa wephuka iqolo lakhe njengomntwana. Wayene 84 ngenkathi ephiliswa ngokupheleleyo emkhulekweni kaMfowethu Branham, emva kokukhubazeka iminyaka engama 66. Akazange abe esaba nesidingo sesihlalo esinamasondo noma izinduku zokuqhugela zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

“Ngangikade ngilele ngomhlane wami iminyaka eyisishiyagalombili nezinyanga ezintathu ngineT.B. nodokotela base bengidelile. Kwakul’khuni ukuba ngisinde amaphawondi angama 50 futhi kwakubonakala sengathi lonke ithemba lase lingasekho. Kwase kuthi eJeffersonville, eIndiana, kwafika uMfu. WM Branham embonweni ayewubonile ngewundlu libambeke ehlane futhi lalikhala ‘Milltown,’ okuyilapho engakhe khona. UMfowethu Branham wayengakaze abe lapha noma azi noma ubani walapha. Engena, wabeka izandla phezu kwami wayesekhuleka, ebiza phezu kwami iGama leNkosi yethu ethandekayo uJesu. Into ethize yabonakala ingibamba futhi khona manjalo ngase ngiphakeme ngibonga uNkulunkulu ngamandla aKhe okuphilisa. Manje sengingumshayi wopiyano ebandleni iBaptisti lapha.”

UGeorgia Carter, eMilltown eIndiana, waphiliswa kwiT.B. ebulalayo ngo 1940 futhi akakaze aphathwe yilesosifo ngoluny’usuku empilweni yakhe. Umele amashumi ezinkulungwane zabantu abaphiliswe ngenkonzo yakhe futhi basaphiliswa nanamuhla.