Johane 14:12

Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina naye uyakuyenza; nemisebenzi emikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina Ngiya kuBaba wami.


Marku 16:17-18

Nalezizibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayakukhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha;

Bayakuphatha izinyoka ezinobuqili; futhi uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi kubo; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, futhi bayakusinda.


Sonke singawaphenya amakhasi eBhayibheli futhi sibone ukuthi uNkulunkulu wenza izimangaliso: UMose wehlukanisa uLwandle oluBomvu, uElija wabiza indlala, uJesu wahamba phezu kwamanzi, nabafundi baphilisa abagulayo.

Kunezinkulungwane zezehlakalo ezimangalisayo eziqoshwe eBhayibhelini. Uma uNkulunkulu efakaza ngezibonakaliso nezimanga, pho ziphi izimangaliso zaKhe namuhla na? Angawuphilisa umdlavuza njengoba Aphilisa uchoko eBhayibhelini na? Kuthiwani ngeNGCULAZA noma umalal’eveva na? Usengasenza isimangaliso na? Yebo, uNkulunkulu usazenza izimangaliso nalezizibonakaliso ziyabalandela abakholwayo.

Manje, bukani bangani, cabangani ngeNkosi uGeorge waseNgilandi, ngenkathi ephiliswa ekuqineni kwemithambo emininginingi, ngenkathi sasinomkhuleko wakhe. Cabangani ngoFlorence Nightingale, (ugogo wakhe, umqambi wesiPhambano esiBomvu), wayethi akabe ngamaphawondi angamashumi ayisithupha esisindo, elele efa ngaleya enomdlavuza ethunjini lenanzi yesisu, elele lapho efa. Ijuba elincane landizela ehlashaneni lapho noMoya kaNkulunkulu uyafika wase uthi, “ISHO KANJE INKOSI, uzophila.” Futhi usesinda amaphawondi ayikhulu namashumi amahlanu-nanhlanu ephile saka.

Cabangani ngendoda kaKhongolose uUpshaw ehlezi eboshelwe ezihlalweni nasembhedeni unyaka nonyaka, iminyaka engamashumi ayisithupha-nesithupha. Futhi ngesikhashanyana nje ngqo waphakama wama ngezinyawo zakhe, wagijima edabula endlini, wathinta izinzwani zakhe, wenziwa waba ngowejwayelekile futhi waphila ngokupheleleyo.

Cabangani nje ngezinkulungwane nezinkulungwane zabantu ephilisiwe. Sihlaleleni lapha size sife na? Asenze okuthize ngakho.

Yiba nokukholwa uma ugula noma unokudinga. IBhayibheli lithi uJesu Kristu nguyena izolo, nanamuhla, naphakade, ngakho uma Wayekwazi ukwenza isimangaliso eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili ezedlula, khona-ke Uyakwazi ukwenza okufanayo namuhla. Wasithembisa ukuthi siyaphiliswa, uma kuphela besingakholwa.

Congressman Upshaw

UWilliam D. Upshaw wasebenzela ePhalamende Yabamele abantu bonke eUnited States iminyaka eyisishiyagalombili futhi wangenela ukuba ngumongameli ngo 1932. Ingozi yokulima yamkhubaza njengomntwana, futhi wachitha iminyaka engama 66 phakathi kokuthi ahambe ngezinduku zokuqhugela noma abe sesihlalweni esinamasondo. Ngo 1951, waphiliswa ngokupheleleyo futhi wahamba ngokuphelele zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

 
Florence Nightingale

UFlorence Nightingale, isihlobo esiqhelile somhlengikazi odumile, wayenomdlavuza ekupheleni kwesisu. Wathumela lesisithombe njengesicelo sokugcina somkhuleko ngaphambi kokuba umdlavuza ekugcineni uthathe impilo yakhe. Njengoba ningabona, wayeseseduze kokufa ngaphambi kokuba iNkosi uJesu imphilise ngo 1950. Isithombe esilandelayo sathathwa emva kokuphiliswa kwakhe futhi sathunyelwa njengobufakazi ukuthi uNkulunkulu usabaphilisa abagulayo.


Tris Griffin

UTris Griffin waya eofisi likadokotela ngasekuqaleni kuka 2013 ngenxa yobuhlungu beqolo ayesaba ukuthi babungaba ngukuphinda benzeke bempi yakhe ngomdlavuza. IMRI yakhombisa uku “juquka komthambo omkhulu iayotha” enhliziyweni yakhe, okwaholela ukuba odokotela benze ukuhlola okuqhubekayo futhi bahlelele ukuhlinzwa okuphuthumayo ngosuku olulandelayo. Ulayini odlulela enhliziyweni ngomfanekiso ngumfantu osobala ongachaza okusheshayo nokufa cishe impela ngqo uma kugqobhozwa.

Ngosuku olulandelayo, emva kokuba amakholwa emkhulekele, odokotla benza okunye ukusebenza kweCT skeni ukukhomba ngqo okwakhele khona umfantu ngaphambi kokuhlinza. Ngalesisikhathi, imifanekiso yakhombisa inhliziyo ephile saka. Odidekile, udokotela ohlinzayo watshela uNkk. Griffin, “Angazi ukuthi ngizokutshelani. Ubunokujuquka komthambo omkhulu iayotha, kodwa manje bonke ubufakazi obubonakalayo abusekho.” Wamkhombisa imifanekiso ngaphambi komkhuleko, nangasemva-ke. “Ukhululekile ukuthi uhambe, futhi empeleni, akukho-phawu lomdlavuza futhi. Uphila ngokuphelele.”

 

Umcibisholo kadokotela ukhomba emthanjeni omkhulu iayotha, okumnyama, indawo eyisiyingilizi esenta yomfanekiso. Ulayini womdwebo otshekile odabula kuwo ngukukhukhumala komthambo iatari, noma “ukujuquka” komthambo iayotha, edinga ukuhlinzwa okusheshisayo futhi kuyabulala uma ugqobhoka. Iskeni sesibili sathathwa ngosuku olulandelayo. Ukujuquka kwashabalala nya futhi akuphindange kubuye.

Izinkomba

AmaHubo 103:2-3

Ibonge iNKOSI, O mphefumulo wami, futhi ungakhohlwa yimisebenzi yonke yakhe yomusa:

Yena othethelela zonke izono zakho; owelapha zonke izifo zakho;

Isaya 53:5

Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu: isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwayo; nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

Marku 16:17

Nalezizibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayakukhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha;

Luka 17:6

Yayisithi iNkosi, Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulomthombe, Simbuka, utshaleke elwandle; futhi ubuyakunilalela.

Johane 14:12

Ngiqinisile, ngiqinisile, Ngithi kini, Okholwa yimi, imisebenzi eNgiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemisebenzi emikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina Ngiya kuBaba wami.

I KwabaseThesalonika 1:5

Ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela, kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu; njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu.

AmaHeberu 2:3-4

Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka; okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo;

uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo, ngezibonakaliso nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele, ngokwentando yakhe na?

AmaHeberu 13:8

UJesu Kristu nguyena izolo, nanamuhla, naphakade.

Jakobe 5:15

Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; futhi uma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.

I Petru 2:24

Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi thina, sesifile ezonweni, siphile ekulungeni: oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.