Malaki 4:1

Ngokuba, bhekani, luyeza usuku, luvutha njengeziko…


Malaki 4:5-6

Bhekani, ngiyakuthuma kini uElija umprofethi lungakafiki usuku lweNKOSI olukhulu nolwesabekayo:

Futhi uyakuphendulela inhliziyo yawoyise kubantwana, nenhliziyo yabantwana koyise, funa ngifike futhi ngishaye izwe ngesiqalekiso.


INcwadi yokugcina yeTestamente eliDala yethembisa ukubhujiswa kwezwe. Kodwa ngaphambi kokuphela, uElija umprofethi ubikezelwe ukuba abuye futhi ethule uMesiya. Abanye bathi uJohane umBhaphathizi wasigcwalisa lesisiprofetho.

Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, amaJuda ayebheke uMesiya ukuba afike. Ayazi ukuthi uMalaki waprofetha ukuthi indoda enomoya kaElija yayiyokwethula uMesiya kuwo. Kodwa ngenkathi uJohane umBhaphathizi efika, wayengesikho lokho ayebheke ukuthi uElija abe yikho. Ngenkathi ebuza uJesu ukuthi kungani uElija wayengafikanga kuqala, Wawatshela ngokuchachile ukuthi uJohane wayengukugcwaliseka kwaleso siprofetho: “Futhi uma nivuma ukukwamukela, lo unguEliyase, obezakufika.” (UEliyase ukwakheka kwesiGreki kwegama lesiHeberu, uElija.)

Kwakuyiqembu elincane kuphela labantu abemukela lesisambulo. Eningini labaholi bezenkolo, uJohane wayengengaphezu komgxeki oshisekele ngokweqile wezinhlangano zabo. Akusikho kuphela ukuthi abawuqondanga umoya kaElija, kodwa okubi kunakho konke, bakugeja futhi ukuFika kukaKristu.

Kanjalo ngabe uJohane umBhaphathizi wagcwalisa isiprofetho sikaMalaki na? Hhayi ngokupheleleyo.

Okokuqala nje, izwe alika “vuthi njengeziko” nokho, ngakho siyazi ukuthi okungenani ingxenye kaMalaki 4 isazokwenzeka. Enye ingxenye yomBhalo engagcwaliswanga nguJohane yayingukuthi, “aphendulele inhliziyo yabantwana koyise.” Futhi, uJesu, qobo lwaKhe, waprofetha ukuthi uElija u (inkathi ezayo) yeza futhi uyakubuyisela konke. (Math 17:11)

Ngakho-ke sifanele ukufuna uElija ngaphambi kokuFika kwesiBili kukaKristu!

Manje, kulolusuku lwamanje, yisikhathi sokuFika kwesiBili kweNkosi uJesu. Futhi, sithenjiswa ukuthi umoya kaElija uyoMethula kithi ngokukaMalaki 4. Kodwa qembu lini labantu eliyomqonda uElija uma efika na? Kuphela labo abambhekile.

LamaZwi eNkosi yethu noMsindisi afika emqondweni uma sicabanga ngesiprofetho sikaMalaki salamahora okuvala esikhathi:

Kepha ngithi kini, UEliyase sewafika vele, abamazanga nokho...Mathewu 17:12

Uma-ke sikugeja lokhu ukufika kukaElija na? Ngabe siyokugeja-ke yini ukuFika kwesiBili kukaKristu, njengababhali nabaFarisi bageja ukuFika kokuQala kwaKhe ngoba abamqondanga uJohane umBhaphathizi na?

 

 

 

 

Izinkomba

II AmaKhosi 2:15

Futhi esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko, athi, Umoya kaElija uhlezi phezu kukaElisha. Futhi afika ukumhlangabeza, ayesekhothamela phansi phambi kwakhe.

Isaya 40:3-4

Izwi lomemezayo ehlane lithi, Lungisani indlela yeNKOSI, nihlelembe oqwathuleni umgwaqo omkhulu kaNkulunkulu wethu.

Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, nazo zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa: namagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba-yithafa: [UJohane umBhaphathizi]

Malaki 3:1

Bhekani, Ngiyakuthuma isithunywa sami [uJohane umBhaphathizi], futhi siyakulungisa indlela phambi kwami: neNkosi, eniyifunayo, iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo, ngisho nesithunywa sesivumelwano, enithokoza ngaso: bheka, siyeza, isho iNKOSI yamabandla.

Malaki 4:1-6

Ngokuba, bhekani, luyeza usuku, luvutha njengeziko [akukenzeki nokho]; nabo bonke abazidlayo, yebo, nabo bonke abenza okubi, bayakuba ngamabibi: futhi luyakubashisa lolosuku oluzayo, isho iNKOSI yamabandla, lungabashiyeli-mpande nagatsha.

Kepha kinina enilesaba igama lami kuyakuphuma iLanga lokulunga linokuphilisa emaphikweni alo; futhi niyakuphuma, futhi nitshekule njengamathole esibaya.

Futhi niyakunyathela phansi ababi; ngokuba bayakuba-yimilotha phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engenza ngalo lokhu, isho iNKOSI yamabandla.

Khumbulani umthetho kaMose inceku yami, engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke uIsrayeli, waba-yizimiso nezahlulelo.

Bhekani, Ngiyakuthuma kini uElija umprofethi lungakafiki usuku lweNKOSI olukhulu nolwesabekayo:

Futhi uyakuphendulela inhliziyo yawoyise kubantwana [uJohane umBhaphathizi], nenhliziyo yabantwana koyise [uElija wamanje], funa ngifike futhi ngishaye izwe ngesiqalekiso.

Mathewu 11:10

Lo unguye, okulotshwe ngaye ukuthi, Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho. [Malaki 3:1, uJohane umBhaphathizi]

Mathewu 11:14

Futhi uma nivuma ukukwamukela, lo unguEliyase, obezakufika. [UJohane umBhaphathizi]

Mathewu 17:11-12

NoJesu waphendula wathi kubo, Nempela uEliyase uyeza kuqala, futhi uyakubuyisela konke. [UElija wamanje]

Kepha ngithi kini, UEliyase sewafika vele, abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhushwa yibo. [UJohane umBhaphathizi]

Luka 1:17

Futhi uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni kaEliyase, ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana, nabangalaleliyo ekuhlakanipheni kwabalungileyo; ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo. [UJohane umBhaphathizi]