Okulandelayo eminye imibuzo esiyemukelile ngenkonzo yethu. Uma, emva kokufunda lena, usalokhu unombuzo mayelana nengqikithi yalewebsaythi, sicela usithumelele i-imeyli e answers@themessage.com.

 

Lithini izwi lakho lokukholwa na?

Besingathi imfundiso yebandla lethu "yangokomthetho" ibingaba yiBhayibheli, kusukela kuGenesisi kuya eSambulweni. Izwi lethu lokukholwa lingafingqwa kanje: Akukho-sivumokholo kodwa uKristu; akukho-mthetho kodwa uthando; akukho-ncwadi kodwa iBhayibheli.

Sengivele ngingumKristu. Ngabe ulwazi kulewebsaythi ngempela lusho utho kimi na?

Yebo! AmaKristu afanele alikholwe lonke iZwi likaNkulunkulu; yingakho siya ebandleni futhi sifunde amaBhayibheli ethu. Kungani ubungakholwa ingxenye yeBhayibheli ethi uJesu wafela izono zakho, bese unganaki ukuthi isono saqala kanjani eNsimini yase Edene na?

Ngikholwa ukuthi engikufundile kuyiqiniso. Ngijoyina kanjani na?

UMzimba kaKristu awusiyo inkoloze noma ihlelo, nesidingakalo sobulunga kuphela singukuthi ukholwe eNkosini uJesu. Ungakhathazeki ngokuba nokuzibandakanya kwakho noma ukugcwalisa amaphepha nohulumeni webandla. Kholwa yiZwi nje, neNkosi izokunakekela konke okunye.

Uyibandla na?

Asisiyo inhlangano yebandla, kodwa sinikeza izinkulungwane zamabandla nezigidi zabantu ngamunye umhlaba wonke ngokubahlinzeka ngempaehla yezenkolo. Ukuthunywa kwethu kungukukhuthaza abantu ukuba basondele ngokuthe xaxa eNkosini uJesu ngokwenza iVangeli laKhe libe khona kuwo wonke umuntu osebusweni bomhlaba.

Ngifuna ukubhaphathizwa. Manje ini na?

Uma ungenakuthola-muntu ukuba akubhaphathize eGameni leNkosi uJesu Kristu, sithumelele i- imeyli nendawo yakho futhi sizokuthumelela uhla lwamabandla endaweni yangakini angakubhaphathiza ngokufaneleyo. Khumbula, ngokweBhayibheli kusemqoka ukuba ubhaphathizwe eGameni likaJesu, futhi kungabi seziqwini zikaYise, iNdodana, noMoya oNgcwele.

Ucabanga ukuthi ngilahlekile ngoba ngiyiKatolika noma ilunga lelinye ihlelo na?

INkosi uJesu wathi, "Ningahluleli, ukuba ningahlulelwa." Akukho-muntu onegunya ukwehlulela insindiso. UJesu futhi wathi, "Okholwayo futhi abhaphathizwe uyakusindiswa; kepha ongakholwayo uyakulahlwa." Ngakho akunandaba uma uyiKatolika, iBapisti, noma iPentecostal; uma ukholwa eNkosini uJesu Kristu khona-ke uyosindiswa.

Yini iVoice Of God Recordings (VGR) na?

IVoice Of God Recordings, Inc.. iyinkonzo engakhethi-hlelo enikelwe ekuqhutshelekisweni phambili kweVangeli leNkosi uJesu Kristu. Umthombo wokuqala esiwunikezelayo yizintshumayelo zikaWilliam Marrion Branham ongasekho, umprofethi kaNkulunkulu nomvangeli owaziwa yizizwe ngezizwe. Ukufinyelela kude kwethu kubandakanya amaMP3 CD, amaDVD, amavidyo, uhlelokusebenza, izincwadi, amaphephabhuku, izincwajana, amafotho, izincwadi zezindaba, namawebsaythi.

Ubani uWilliam Branham, futhi uhlangene ngani nami na?

UMfundisi ohloniphekile uBranham wayengumvangeli owayedumile emhlabeni owayesensimini yokuba yisithunywa senkolo kusukela cishe ngo 1947 kuya ku 1965. Akusikhona kuphela ukuthi waholela izigidi kuKristu, kodwa uNkulunkulu waqinisekisa inkonzo yakhe ngezimangaliso ezingenakubalwa. Lesi isixhumanisi sizokunika isingeniso enkonzweni yakhe

Uma zonke lezizimangaliso ngempela zenzeka, kungani ngingakaze ngizwe ngaye na?

Lowo ngumbuzo omuhle, nalowo esingathanda ukuwubuza onke amabandla enkambiso anamhlanje. UNkulunkulu wathuma umprofethi! Kungani wonke umuntu engakhulumi ngakho na? Bebefanele.

Uzibekelani izigcizelelo ezinkulu kangaka kuWilliam Branham na?

Ngesizathu esifanayo uJoshuwa abeka izigcizelelo ezinkulu kangaka kuMose. UMose wayengumprofethi owaletha uMlayezo ovela kuNkulunkulu. UMfowethu Branham wenza into efanayo.

INgibone abesifazane abazihlanganise nenkonzo yakho. Kungani bonke benezinwele ezinde futhi bagqoke iziketi ezinde na?

UPawulu wathi kwabaseKorinte I 11:15: "Kepha uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye: ngokuba uphiwe izinwele zakhe zibe-yisimbozo." UPawulu washo futhi ukuthi abesifazane bafanele "bazihlobise ngezingubo ezifaneleyo..." noMose wathi, "Owesifazane akayikugqoka okungowesilisa." Uma iBhayibheli likusho, khona-ke amaKristu eqiniso azokukholwa.

Ngenza ucwaningo oluthize futhi ngathola amawebsaythi ambalwa anikelelwe ukuphikisana ngezinto uMfundisi ohloniphekile uBranham azisho. Uziphendula kanjani na?

Uyothola amawebsaythi anikelelwe ukuphikisana nanoma yini nakho konke, kubandakanya neBhayibheli. Sicela kalula ukuba wahlulele uMlayezo esiwethule kuwe ngeZwi likaNkulunkulu, futhi kungabi ngobuciko bokukhuluma obulula kakhulu ukubuthola kwi intanethi. Khumbula, akukho-muntu othukwa kakhulu kuneNkosi uJesu. Uma wenza into ethize elungileyo, khona-ke ungakulindela ukugxekwa.

Zonke izinhlangano zinezandla zazo emaphaketheni ami. Njalo kuphathelana nemali.

Qaphela akukho-ndawo kulewebsaythi ukwenza umnikelo. Uma kufika isikhathi lapho esidinga khona ukunxiba imali, khona-ke isikhathi sesifikile sokuba lenkonzo iphele. Lokhu akuphathelene nemali, kuphathelene nokuthola imiphefumulo iye kuJesu Kristu.

Ngifuna ukufunda okuningi; yisiphi isinyathelo esilandelayo na?

IBhayibheli lithi, "ukukholwa kuvela ngokuzwa," ngakho siyakukhuthaza ukuba uqhubeke nokulalela. Sinezintshumayelo eziqoshiwe ezingaphezu kwe 1,200 ezikhona ngokuzidawnloda ngesihle. Singakuthumelela impahla eposini uma unenkathazo ngokudawunloda amafayela asebenza ngogesi. n the mail if you are having trouble downloading the electronic files.


iwww.branham.org iposa izindaba zansuku zonke nezimfakazo ezihlangene nenkonzo yethu. Siyakumema ukuba usivakashele nsuku zonke futhi ufunde imibiko evela kwabakholwayo umhlaba wonke. Ungahle umangale ukuthi ziningi kangakanani izinto ezinkulu iNkosi uJesu ezenzayo khona manje, kulolusuku lwesimanje.