Iminyaka Yobusha – Iyaqhutshezwa



Kwaya ngokukhula ukuba mnyama egunjini lesibhedlela, sengathi kwakusemahlathini amakhulu. Ngangiwuzwa umoya uvunguza emaqabungeni, nokho kwakubonakala kuyindlela enkulu echezukela ehlathini. Mhlawumbe senake nakuzwa ukuphafuka komoya uvunguzisa amaqabunga, ulokhu usondela usondela kuwe. Ngacabanga, “Awu, lokhu ngukufa kuzongithatha.” O! umphefumulo wami wawuzohlangabezana noNkulunkulu, ngazama ukukhuleka kodwa angangakwazi.

Ngokusondela komoya, kuya ngokuzwakala kakhulu kakhulu. Amaqabunga awahlazela futhi khona-manjalo, ngangingasekho.

Kwabonakala-ke sengathi ngase ngibuyile futhi sengingumfanyana ongafake-s’cathulo, ngimi kuleyondlelana phansi kwesihlahla esifanayo. Ngalizwa leloPhimbo elifanayo elathi, “Ungalokothi uphuze noma ubheme.” Namaqabunga engawezwa ayengafanayo avunguza kulesosihlahla ngalolosuku.

Kodwa ngalesisikhathi iPhimbo lathi, “Ngakubiza futhi awangahamba.” Laphinda okwesithathu.

Ngase-ke ngithi, “Nkosi, uma lowo kunguWe, ngivumele ngibuyele emuva futhi emhlabeni futhi ngiyoshumayela iVangeli laKho kusukela ezicongweni zezindlu nasemakhoneni emigwaqo. Ngiyotshela wonk’umuntu ngalo!”

Ngenkathi lombono usudlulile, ngathola ukuthi ngangingakaze ngizwe-bungcono. Udokotela wami ohlinzayo wayesalokhu esendlini. Wafika wayesengibuka futhi wamangala. Wabuka sengathi wayecabanga ukuthi ngase ngifile, wayesethi-ke, “Angisiyo indoda esontayo, umsebenzi wami mkhulu kakhulu, kodwa ngiyazi uNkulunkulu umhambele lomfana.” Ukuthi wakusho loni lokho, angazi. Akukho-noyedwa owayesho noma yini ngakho. Ukuba ngangikade ngazi ngaleyonkathi kunalokho esengikwazi manje, ngangiyovuka kulowombhede ngimemeza iNdumiso eGameni laKhe.

Emva kwezinsuku ezimbalwa ngavunyelwa ukubuyela ekhaya kodwa ngangisalokhu ngigula futhi ngaphoqeka ukuba ngifake izibuko emehlweni ami ngenxa yokungabonakali kahle. Ikhanda lami laliqhaqhazela nxa ngibuke noma yini isikhashana.

Ngaqala ukuphuma ukuba ngifune futhi ngithole uNkulunkulu. Ngangihamba ngisuka ebandleni ngiye ebandleni, ngizama ukuthola indawo ethize lapho okwakukhona khona ukubizela ealtare okuyifeshini endala. Ingxenye edabukisayo ngangingatholi neyodwa.

Ngathi uma ngake ngaze ngaba ngumKristu, ngiyoba nguye ngempela. Umfundisi owangizwa ngiphawula wathi, “Manje mfan’uBilly, uchezukela ebuhlanyeni.” Ngathi uma ngike ngaze ngathola inkolo, ngangifuna ukuyizwa nxa isifikile, njengoba nje abafundi benza.

O alidunyiswe iGama laKhe. Ngathola inkolo kamuva futhi ngisalokhu nginayo, nangosizo lwaKhe, ngiyoyigcina njalo.

Ngobunye ubusuku ngamlambela kakhulu uNkulunkulu nesehlakalo sangempela ukuthi ngaphumela eshede elidala kwingemuva lendlu ngase ngizama ukukhuleka. Ngangingazi ukuthi kukhulekwa kanjani ngakho nje ngaqala ukukhuluma kuYe njengoba ngangingakhuluma noma ubani omunye. Khona manjalo nakho kwafika ukuKhanya eshede futhi kwabumba isiphambano nePhimbo elivela esiphambanweni lakhuluma kimi ngolimi engangingaluqondi. Lase lisuka-ke lihamba. Ngashaqeka. Sekuthe dwe kimi futhi ngakhuleka, “Nkosi uma lowo kunguWe, ngisize woza futhi ukhulume kimi futhi.” Ngangikade ngifunda iBhayibheli lami selokhu ngangikade ngisekhaya ngivela esibhedlela futhi ngangikade ngifunda ku I Johane 4, “Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bavivinyeni ukuthi bangabakaNkulunkulu yini.”

Ngangazi ukuthi umoya wawubonakale kimi futhi lapho ngikhuleka wabonakala futhi. Kwase-ke kubonakala kimi ukuthi sengathi kwakukade kunamaphawondi ayinkulungwane athulwa emphefumulweni wami. Ngagxuma futhi ngaya phezulu ngase ngigijmela endlini futhi kwabonakala sengathi ngangihamba emoyeni.

UMama wabuza, “Bill, kwenzenjani kuwe na?” Ngaphendula, “Angazi kodwa impela ngizizwa ngikahle futhi ngilula.” Angibange ngisahlala endlini isikhathi eside. Ngadingeka ngiphume futhi ngigijime.

Ngazi-ke ukuthi uma uNkulunkulu wayefuna ngishumayele, Wayezongiphilisa. Ngakho ngaya ebandleni elalikholelwa ekugcobeni ngamafutha futhi ngaphiliswa masinyane. Ngabona-ke ukuthi abafundi babenento iningi labefundisi abangenayo namuhla. Abafundi babhaphathizwa ngoMoya oNgcwele futhi kanjalo babekwazi ukuphilisa abagulayo nokwenza izimangaliso ezinkulu ngeGama laKhe. Ngakho ngaqala ukukhulekela umbhaphathizo kaMoya oNgcwele futhi ngamthola.

Ngoluny’usuku cishe izinyanga eziyisithupha kamuva, uNkulunkulu wangipha isifiso senhliziyo yami. Wakhuluma kimi esekuKhanyeni okukhulu, engitshela ukuba ngihambe ngiyoshumayela nokukhulekela abagulayo futhi Wayebaphilisa kungakhathaleki ukuthi sifo sini ababenaso. Ngaqala ukushumayela futhi ngenza Angitshela ukuba ngikwenze. O mngani, ngingeqale ukukutshela ukuthi konke kwenzekeni: Amehlo aphuphuthekile avuleka. Izinyonga zahamba. Imidlavuza iphilisiwe, nazo zonke izinhlobo zezimangaliso zenziwe.

Ngoluny’usuku ezansi koMgwaqo uSpring, eJeffersonville, eIndiana, emva kwemvuselelo yamaviki amabili, ngangibhaphathiza abantu abayi 130. Kwakulusuku lukaAgasti olushisayo futhi kwakunabantu abacishe babe yi 3,000 ababekhona. Ngase ngizobhaphathiza umuntu we 17 ngenkathi khona manjalo ngizwa lelo elihashazayo, iPhimbo elincane labuye lathi futhi, “Buka phezulu.” Isibhakabhaka sasinjengethusi ngalolosuku lukaAgasti olushisayo. Sasikade singenayo imvula cishe amaviki amathathu. Ngezwa iPhimbo futhi, kwase kuthi-ke futhi okwesithathu lathi “Bheka phezulu.”

Ngabuka phezulu futhi nakho kwavela esibhakabhakeni inkanyezi enkulu ekhazimulayo, engangiyibonile izikhathi eziningi ngaphambilini kodwa ukuthi nganginganitshelanga ngayo. Izikhathi eziningi ngibatshelile abantu ngayo ibonakala futhi kuphela babehleka futhi bathi, “Bill, uyakucabangela nje lokho. Noma mhlawumbe ubuphupha.” Kodwa akadunyiswe uNkulunkulu, ngalesisikhathi Yayizibonakalise Yona uqobo ngokubonakalayo kubo bonke, ngoba yafika ngokusondele kakhulu kimi angikwazanga ngisho nokukhuluma. Emva kokuba imizuzwana embalwa seyedlule ngadazuluka nabantu abaningi babuka phezulu futhi babona inkanyezi ingaphezu kwami nje. Abanye baquleka ngenkathi abanye bememeza nabanye bebaleka. Khona-ke inkanyezi yabuyela emuva esibhakabhakeni nendawo lapho eyayisuke khona yayithi ayibe yisikwele esingamafidi ayishumi nanhlanu nalendawo yayilokhu iqhubeka futhi iphehlelela noma sengathi amagagasi ayegingqika. Kwakubumbeke kulendawo ifu elimhlophe elincane nenkanyezi yemukelwa phezulu kulelifu elincane.

NjengoJohane umBhaphathizi, umprofethi waqinisekiswa emanzini amaningi omBhaphathizo.