UkuQala



“Ngenkathi ngizalwa endlwaneni encane yezingodo yaseKentucky enhla lapho, iNgelosi yeNkosi ingena efasiteleni yayisima lapho. KwakuneNsika yoMlilo.”

Ukusa kwase kuqala nje ukubhoboza ubumnyama besibhakabhaka esipholile sikaApreli. Elilodwa vo, ifasitela lokhuni laliphakanyiswa livuleke ukudedela ukukhanya kwasekuseni kungene endlwaneni encinyane yezingodo ekamelo-linye. Inyoni irobini imi eduze kwefasitela yayibonakala ikakhulukazi ixhuxhuma kulokhu ukusa futhi yayikhala iqhuma phezulu ngawo onke amaphaphu ayo. Ngaphakathi kwindlwana yezingodo, uCharles Branham owayesumusha wayefake izandla zakhe kwiovaloli yakhe entsha-sha wayesebuka phansi umkakhe oneminyaka eyi 15 ubudala. “Sizomqamba ngegama elithi William,” kwasho ubaba.

Efasiteleni kwafika ukuKhanya okungaphezu kwemvelo. UkuKhanya kwadabula ekamelweni kwase kwengama phezu kombhede lapho ingane yayisanda kuzalwa khona nje. Lokhu kwakungukuKhanya okufanayo okwakhipha abantwana bamaHeberu eGibhithe. KwakungukuKhanya okufanayo okwahlangana noPawulu esendleleni yakhe ebheke eDamaseku. Futhi Kwakuyoqhubeka ukuba kuhole lengane encane ukubiza uMlobokazi kaKristu aphume ezweni. Lokho kuKhanya kwakungesikho okunye ngaphandle kweNgelosi yeNkosi, iNsika yoMlilo; futhi Yayisiphinde yabonakala kumuntu.

Futhi phakathi lapho, kulendlwana encane eyakhiwe ngezingodo, ngalokho kusa ngoApreli 6, umbelethisi wavula nge ifasitela ukuze ukukhanya kuzokhanya phakathi ukudedela uMama noBaba babone ukuthi nganginjani. Kwase kuthi-ke ukuKhanya okuthi akube ngusayizi wephilo kwafika kuvunguza kungena ngefasitela. Kwashaya indingilizi ngalapho engangikhona, kwase kwehlela embhedeni. Abaningana babantu basentabeni babemi lapho. Babekhala.

Ikhaya elithobekile lalisemagqumeni aseningizimu Kentucky, eduze kwedolobhana elincane laseBurkesville. Usuku kwakungu Apreli 6, 1909. Ingane yayingeyokuqala kubantwana abayishumi ababezozalwa nguCharles no Ella Branham.

Akubanga yisikhathi eside ngaphambi kokuba iNgelosi yeNkosi ihambele uWilliam Branham futhi.

Esengumntwana, iNgelosi kuqala yakhuluma kuye, ithi uyophila impilo yakhe eduze kwedolobha elithiwa yiNew Albany. Waya endlini wayesetshela unina okwakusanda kwenzeka nje. Njenganoma yimuphi umama, akacabanganga kakhulu ngendaba wayesemlalisa embhedeni ukuthulisa imizwa yakhe emncane. Eminyakeni emibili kamuva, umndeni wakubo wathuthela eJeffersonville eIndiana, amamayela ambalwa nje ukusuka eningizimu Indiana idolobha laseNew Albany.

INgelosi futhi yakhuluma kumprofethi osemncane eminyakeni embalwa kamuva. Kwakulusuku lukaSeptemba oluthule nelanga elifudumele likhanya lidabula emaqabungeni anombala asekwindla. Umfanyana wayeqhuga lapho ephethe amabhakede amabili amanzi ezansi emzileni. Ihleza lommbila laliboshelwe phansi kozwani lwakhe olwalulimele ukulugcina lungangcolile. Wahlala phansi ukuba aphumule emthunzini wesihlahla eside sompopula. Izinyembezi zazigeleza emehlweni akhe lapho ekhala ngeshwa lakhe: Abangani bakhe babezijabulela emgodini wokudoba wendawo, futhi wayebambekile ethuthela uyise amanzi. Ngokuzuma, umoya waqala ukuyaluza esihlahleni ngaphezu kwakhe. Wesula amehlo akhe wayesema ngezinyawo zakhe. Wezwa umsindo wamaqabunga evunguza emoyeni…kodwa kwakungekho-moya. Wabheka phezulu, futhi cishe ibanga elinguhhafu phezulu esihlahleni sompopula, into ethize yayiyaluzisa amaqabunga omile.

Ngokuzuma iPhimbo lakhuluma, “Ungaphuzi noma ubheme noma wone umzimba wakho nganoma yiyiphi indlela, kuyoba nomsebenzi wakho wokuba uwenze nxashane usukhulile.” Umfana owethukile oneminyaka eyisikhombisa ubudala waqathaza amabhakede akhe wayesegijimela kunina.

Njengomprofethi uSamuweli, uNkulunkulu futhi wayekhulume kumntwana.

Emavikini ambalwa kamuva, wayedlala izimabula nomfowabo omncane. Ukuzwa okuyinqaba kwafika phezu kwakhe. Wabheka phandle phezu koMfula iOhio wayesebona ibhuloho elihle. Amadoda ayishumi nesithupha awela ekufeni kwawo lapho ibhuloho linqamula umfula. Umprofethi osemncane wayebone umbono wakhe wokuqala. Watshela unina, futhi wayibhala phansi indaba yakhe. Iminyaka kamuva, amadoda ayi 16 awela ekufeni kwawo lapho ibhuloho loMgwaqo wesiBili eLousiville, iKentucky yayakhiwa khona phezu koMfula iOhio.

INkosi yayimkhombisa imibono yesikhathi esizayo. Futhi njengabaprofethi phambi kwakhe, imibono ayizange yehluleke.