Iminyaka Yobusha



Yonke impilo yakhe, uMfowethu Branham wayekulangazelele ukuba sehlane. Eneminyaka eyi 18, washiya eIndiana ngenxa yezintaba ezimangelengele zasentshonalanga. Ukuhlala kwakhe eArizona akubanga yisikhathi eside ngaphambi kokuba aphoqeleke ukuba abuye.

Ngoluny’usuku nganquma ukuthi ngangithole indlela yokuluxosha lolobizo. Ngangiphuma ngiya entshonalanga ukuyosebenza eplazini lezinkomo. Mngani, uNkulunkulu mkhulu nje phandle lapho njengoba Enjalo kunoma yiyiphi indawo. Kwangathi ungazuza ngesehlakalo sami. Nxa Ekubiza, Mphendule.

Ngokunye ukusa kukaSeptemba ngonyaka ka 1927, ngatshela umama ukuthi ngangiya ohambweni lokuyokhempa eTunnel Mill, okucishe kube ngamamayela ayishumi nane ukusuka eJeffersonville lapho esasakhe khona ngalesosikhathi. Ngase ngivele ngilungiselele uhambo oluya eArizona nabanye abangani. Ngenkathi uMama ezwa kimi futhi, ngangingekho eTunnel Mill kodwa ePhoenix, eArizona, ngibalekela uNkulunkulu woThando. Impilo yaseplazini lezinkomo yayiyinhle kakhulu okwesikhashana, kodwa masinya yaguga, njenganoma yiyiphi enye injabulo yezwe. Kodwa ake ngisho lapha, Akadunyiswe uNkulunkulu, ukuthi isehlakalo noJesu sikhula siya ngokuba-mnandi ngokuba-mnandi ngaso sonke isikhathi futhi asigugi neze. UJesu unikezana ukuthula okuphelele nenduduzo njalo.

Izikhathi eziningi ngiwuzwile umoya uvunguza ezihlahleni ezinde zeshoba. Kwakubonakala sengathi ngangingalizwa iPhimbo laKhe libiza kude ehlathini, lithi, “Adamu, uphi na?” Izinkanyezi zabonakala ziseduze kakhulu ngangokuthi wawungazicosha ngezandla zakho. UNkulunkulu wabonakala sengathi wayeseduze kakhulu.

Into eyodwa ngalelozwe yimigwaqo ogwadule. Uma uke waze wachezuka emgwaqeni, ulahleka kalula kabi. Izikhathi eziningi kakhulu izivakashi zibona izimbali ezincane zasogwadule bese zichezuka emgwaqeni omkhulu ukuba zizikhe. Zizulazula zisuke ogwadule futhi zilahleke futhi ngezinye izikhathi zibulawe ukoma. Kunjalo nangendlela yomKristu – uNkulunkulu unomendo umgwaqo omkhulu. Ukhuluma ngawo kuIsaya, isahluko 35. Ubizwa ngo “Mendo umgwaqo omkhulu wobuNgcwele.” Izikhathi eziningi izinjabulo ezincane zezwe zikudonsa uchezuke emendweni umgwaqo omkhulu. Khona-ke usulahlekelwe yisehlakalo sakho noNkulunkulu. Ogwadule uma ulahlekile, lapho ngezinye izikhathi kubonakala utalagu. Kubantu ababulawa ukoma, utalagu luyoba umfula noma ichibikazi. Izikhathi eziningi abantu bagijimela kuzo bese bewela kulo kuphela bathola ukuthi babhukuda nje esihlabathini esishisayo. Ngezinye izikhathi udeveli ukukhombisa into ethize athi iyisikhathi esimnandi. Lolo wutalagu nje, kuyinto engesiyo eyangempela. Uma ulalela uyozithola kuphela unqwabela izinsizi ekhanda lakho. Ungamlaleli, mfundi othandekayo. Kholwa uJesu okunika amanzi aphilayo kulabo abalamba futhi bome.

Ngoluny’usuku ngathola incwadi evela ekhaya ingitshela ukuthi omunye wabafowethu wayegula kakhulu. KwakunguEdward, ongelamayo. Kusobala angikucabanganga kukubi kakhulu, ngakho ngangikholwa ukuthi wayezoba ngcono. Kodwa ngokunye ukuhlwa izinsuku ezimbalwa kamuva ngenkathi ngangivela edolobheni lapho ngedlula ehholo okudlelwa kulo ndawonye eplazini lezinkomo, ngabona iphepha phezu kwetafula. Ngalicosha. Lalifundeka lithi, “Bill, yenyukela edlelweni elingasenyakatho. Kusemqoka kakhulu.” Emva kokuba sengilifundile inothi umngani nami saphumela edlelweni. Umuntu wokuqala engahlangana naye kwakungumqaphi wasesiqiwini omdala weLone Star owayesebenza eplazini lezinkomo. Igama lakhe kwakunguDurfy, kodwa sasimbiza ngo “Pop.” Wayenokutshengisa ukudabuka ebusweni bakhe lapho ethi, “Mfana uBilly, nginezindaba ezimbi zakho.” Ngalesosikhathi imfolomane yeza yenyuka. Bangitshela ukuthi ithelegramu yayisanda kufika, ingitshela ngokufa komfowethu.

Mngani othandekayo, okwesikhashana angikwazanga ukunyakaza. Kwakungukufa kokuqala emndenini wakithi. Kodwa ngifuna ukusho ukuthi into yokuqala engacabanga ngayo yayingukuthi ingabe wayesekulungele yini ukufa. Lapho ngijika futhi ngabuka ngale kwenkangala ephuzi, izinyembezi zehla ezihlathini zami. Ukuthi ngakukhumbula kanjani ukuthi sasizabalaza kanjani ndawonye ngenkathi sisengabafanyana nokuthi kwakukade kul’khuni kanjani kithi.

Sasiya esikoleni cishe singenakho okwenele ukuthi sidle. Izinzwani zazingaphandle kwezicathulo zethu futhi sasidingeka sigqoke amabhantshi amadala eqhaswe phezulu entanyeni ngoba sasingafake mayembe. Ukuthi ngakhumbula kanjani futhi ngoluny’usuku uMama wayenopopkhona welantshi ebhakedeni elincane. Sasingadli nabanye babo bonke abantwana. Sasingakwazi ukudla njengoba babenakho. Sasihlala njalo sithi shelele ngale kwegquma bese sidla. Ngiyalukhumbula usuku esasinopopkhona ngalo, sasicabanga ukuthi kwakuyidili ngempela. Ngakho ukuqiniseka ukuthi nginayo ingxenye yami yawo, ngaphuma ngaphambi kwasemini ngase ngicaphuna kahle ogcwele isandla ngaphambi kokuba umfowethu athole ingxenye yakhe.

Kwase kuthi-ke ngimi lapho ngibuka lelolanga lihangula inkangala ngacabanga ngazo zonke lezozinto futhi ngamangala ukuthi ngabe uNkulunkulu wayemyise endaweni engcono yini. Kwase kuthi-ke futhi uNkulunkulu wangibiza, kodwa njengokuvamile, ngazama ukulwa nakho.

Ngalungiselela ukuza ekhaya ngomngcwabo. Ngenkathi uMfu. McKinny weBandla lasePort Fulton, indoda enjengobaba nje kimi, washumayela umngcwabo wakhe wakuphatha ukuthi, “Kungahle kube nabanye lapha abangamazi uNkulunkulu, uma kunjalo, Memukele manje.” O ngasibamba-ngqi kanjani isihlalo sami, uNkulunkulu wayekhuluma futhi. Mfundi othandekayo, uma Ebiza, Mphendule.

Angisoze ngakhohlwa ukuthi uBabayi omdala ozihluphekelayo noMama ukuthi bakhala kanjani emva komngcwabo. Ngangifuna ukubuyela eNtshonalanga kodwa uMama wangincenga kakhulu ukuba ngihlale ngaze ngathi ekugcineni ngavuma ukuhlala uma ngangingathola umsebenzi. Masinya ngathola umsebenzana neNkampani yezeMisebenzi yoMphakathi yaseIndiana.

Cishe eminyakeni emibili kamuva ngisahlola amamitha esitolo samamitha eGas Works eNew Albany, ngaxhilwa yigesi futhi amaviki ngaguliswa yiyo. Ngaya kubo bonke odokotela engangibazi. Ngangingatholi bungcono. Ngaguliswa yisisu esine esidi, ibangwa yimiphumela yegesi. Kwakuya ngokuba kubi kakhulu ngaso sonke isikhathi. Ngayiswa kodokotela abazigogodele izifo eLousville, eKentucky. Bathi ekugcineni kwakuyithunjana lami i aphendiksi futhi bathi ngangidingeka ngibe nokuhlinzwa. Angikukholwanga ngokuba ngangingakaze ngibe nobuhlungu ohlangothini lwami. Odokotela bathi kwakungasekho ababengangenzela khona ngize ngibe nokuhlinzwa. Ekugcineni ngavuma ukuba nakho kwenziwe kodwa ngagcizelela ukuthi basebenzise isidikizisimizwa sendawo ukuze ngikwazi ukubuka ukuhlinzwa.

O, ngangifuna umuntu ukuba ame ngakimi owayazi uNkulunkulu. Ngangikholelwa emkhulekweni kodwa ngangingakwazi ukukhuleka. Ngakho umfundisi weBandla iFirst Baptisti wahamba nami ukuya egunjini lokuhlinzela.

Ngenkathi bengisusa etafuleni ngiya embhedeni wami, ngazizwa ngiya ngokuphela amandla ngokuphela amandla ngaso sonke isikhathi. Inhliziyo yami kwase kul’khuni ukuthi ishaye. Ngezwa ukufa phezu kwami. Umphefumulo wami wawuya ngokushoda ngaso sonke isikhathi. Ngazi ukuthi ngase ngifike ekupheleni komgwaqo wami. O mngani linda uze ufike lapho kanye, khona-ke uyocabanga ngenqwaba yezinto ozenzile. Ngangazi ukuthi ngangingakaze ngibheme, ngiphuze noma ngibe nayimiphi imikhuba engcolile kodwa ngangazi ukuthi ngangingakulungele ukuhlangabezana noNkulunkulu wami.

Mngani wami uma kuphela uyilunga lebandla elibandayo eliyilo ngegama nje, uyokwazi nxa usufika ekupheleni ukuthi awulungele. Ngakho uma kuyilokho kuphela okwaziyo ngoNkulunkulu wami, ngiyakucela khona lapha ukuba uguqe ngamadolo akho bese ucela uJesu ukuba akunike lesosehlakalo sokuzalwa ngokusha, njengoba Atshela uNikodemu kuJohane isahluko 3, nokuthi o ziyokhala kanjani izinsimbi zenjabulo. Alidunyiswe iGama laKhe.