Genesisi 3:1
Manje inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ebizenzile iNKOSI uNkulunkulu. Futhi yathi kowesifazane, Ya, ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi, ningadli emithini yasensimini na?
Genesisi 3:6-7
Futhi owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha isithelo sawo, wayesedla, wanika nendoda yakhe kanye naye; yayisidla.
Ayesevuleka amehlo abo bobabili, futhi bazi ukuthi babehamba-ze; base bethunga amaqabunga omkhiwane, base bezenzela izibhinco.
Genesisi 3:14-15
NeNKOSI uNkulunkulu yathi enyokeni enobuqili, Njengokuba usukwenzile lokhu, uqalekisiwe phezu kwezinkomo zonke, naphezu kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, futhi udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho:
Futhi ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, futhi wena uyakulimaza isithende sayo.
Lesi yisono sokuqala esiqoshwe eBhayibhelini. Esinokuhlakanipha kakhulu kunazo zonke izilwane, inyoka enobuqili, “yakhohlisa” uEva ekudleni ucezu lwesithelo esinqatshelwe. Wasidla wayese-ke esesinika indoda yakhe, esababangela ukuba baqonde ukuthi babehamba-ze.
Imibuzo esobala ingukuthi: Ingakhuluma kanjani inyoka na? Lihlangene ngani iapula nokuhamba-ze na? Futhi, ingenaphi inzalo yenyoka enobuqili kukho konke lokhu na?
IBhayibheli lithi inyoka enobuqili yayino “buqili” obukhulu kunazo zonke izilwane. Yayifana kakhulu nomuntu, ngangokuthi yayikwazi ukuhamba, ukukhuluma, futhi inayo ngisho nengxoxo enobuhlakani. Emva kokuba isikhohlise umka Adamu, uNkulunkulu wayiqalekisa ukuba ibe yinyoka ehuquzelayo, kodwa hhayi ngaphambi kokuba umonakalo wenziwe nenzalo yatshalwa.
IBhayibheli liyasho kuGenesisi 3:15 ukuthi inyoka enobuqili yayinenzalo, futhi uNkulunkulu wabeka ubutha phakathi kwezinzalo ezimbili. Ngokusobala, inzalo yenyoka enobuqili yalumbana nenzalo kaEva yemvelo ngaphambi kokwehlukana. Kwakungenzeka kanjani konke lokho kube ngumphumela wokudla iapula na? Manje-ke, amavesi ambalwa kamuva, “UAdamu wamqamba umkakhe igama lokuthi uEva; ngokuba waba-ngunina wabo bonke abaphilayo.” Qaphelani ukuthi akusho ukuthi uAdamu wayenguyise wabo bonke abaphilayo.
Kune “zithelo” ezehlukene eBhayibhelini. Kusobala, kunesithelo sangempela, njenge apula, esimilayo futhi sidlelwa ukuba sibe ngukudla. Kukhona futhi isithelo esibhekiselwe emisebenzini yethu, noma ngabe imisebenzi yemvelo njengokulima nebhizinisi, noma imisebenzi yokomoya njengokwenza izimangaliso nokushumayela iVangeli. Bese-ke, kunesithelo sesizalo, esibhekiselwe ekukhulelweni nasekuzaleni umntwana.
Ngabe ukudla isithelo sangempela kwakunganika uAdamu noEva ukuqonda ukuthi babehamba-ze na? Noma, ngabe kwakungathatha ubudlelwane bangokomzimba phakathi kowesilisa nowesifazane ukuba bona baqonde ukuthi kungani babefanele bamboze izitho ezithize zemizimba yabo na?
Kwenzekani ngempela ngalolosuku eNsimini ukubangela sonke isintu ukuba siwe na?
Njengoba iNzalo yowesifazane yayinguNkulunkulu ngempela ephinda eziveza qobo lwaKhe enyameni yomuntu, kanjalo inzalo yenyoka enobuqili iyindlela yengempela uSathane athola ngayo ukuthi wakwazi ukuzivulela umnyango esintwini. Kwakungenakwenzeka ukuba uSathane (ngokuba kuphela uyisidalwa somoya esiDALIWEYO) ukuba aphinde aziveze qobo lwakhe ngendlela uNkulunkulu aphinda waziveza qobo lwaKhe, ngakho indaba kaGenesisi iyasho ukuthi wayiveza kanjani inzalo yakhe wayesethula noma wazijovela esintwini. Futhi khumbula ukuthi uSathane ubizwa nge “nyoka enobuqili.” Yinzalo yakhe noma ukujovela esintwini esikhuluma ngakho.
Ngaphambi kokuba uAdamu aze abe nokwazi kwenyama kukaEva, inyoka enobuqili yayibe nalokho kwazi ngaphambi kwakhe. Nalowo owazalwa yiyo wayenguKayini. UKayini waba ngowalowo (wazalwa ngo, watholwa ngo) “OMubi,”
I Johane 3:12
…Iqiniso lendaba lingukuthi uEva esizalweni sakhe wayenamadodana AMABILI (amawele) ekumitheni OKWEHLUKENE. Wayethwele amawele, enokukhulelwa uKayini mhlampe ngaphambilini kokuka Abela.
Izinkomba
Genesisi 3:6-7
Futhi owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha isithelo sawo, wayesedla, wanika nendoda yakhe kanye naye; yayisidla.
Ayesevuleka amehlo abo bobabili, futhi bazi ukuthi babehamba-ze; base bethunga amaqabunga omkhiwane, base bezenzela izibhinco.
[Babengazi kanjani ukuthi babehamba-ze ngokudla ucezu lwesithelo na?]
Genesisi 3:13-15
NeNKOSI uNkulunkulu yathi kowesifazane, Yini lokhu okwenzileyo na? Nowesifazane wathi, Inyoka enobuqili ingikhohlisile, ngase ngidla.
NeNKOSI uNkulunkulu yathi enyokeni enobuqili, Njengokuba usukwenzile lokhu, uqalekisiwe phezu kwezinkomo zonke, naphezu kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, futhi udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho:
Futhi ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, futhi wena uyakulimaza isithende sayo.
[Inyoka enobuqili yayinenzalo. Kusobala, lokhu akubhekisiwe enyokeni.]
Genesisi 3:20
UAdamu wamqamba umkakhe igama lokuthi uEva; ngokuba waba-ngunina wabo bonke abaphilayo.
[Kungani uAdamu engabizwa ngoyise wabo bonke abaphilayo na?]
Genesisi 4:1-2
Futhi uAdamu wamazi umkakhe uEva; futhi wakhulelwa, futhi wazala uKayini, wayesethi, Ngitholile indoda eNKOSINI.
Waphinda wazala uAbela umfowabo. Futhi uAbela waba-ngumalusi wezimvu, kepha uKayini waba-ngumlimi womhlabathi.
[Konke ukuphila kuvela kuNkulunkulu, noma kukhulelwe ngokomthetho noma ngokungekho ngokomthetho. USathane angekudale ukuphila.]
Luka 3:38
Owayeyindodana kaEnose, owayeyindodana kaSeti, owayeyindodana kaAdamu, owayeyindodana kaNkulunkulu.
[Liphi izibulo elinguKayini ozalweni lukaAdamu na?]
I Johane 3:12
Kungabi-njengoKayini, owaba-ngowalowo omubi, futhi wabulala umfowabo. Futhi wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe uqobo yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.
[UNkulunkulu wadala uAdamu ngomfanekiso waKhe uqobo. Bavelaphi ububi bukaKayini, futhi kwavelaphi ukulunga kukaAbela na? Izingxenye zabo ezingehlukaniseki zathathelwa koyise.]
Juda 1:14
NoEnoke naye, engowesikhombisa kusukela kuAdamu, waprofetha ngabo, wathi, Bheka, iNkosi ifika nabangcwele bayo abayizinkulungwane eziyishumi,
[Akukho ndawo eBhayibhelini uKayini esozalweni luka Adamu.]