IHubo 96:13
Ebusweni beNKOSI: ngokuba iyeza, ngokuba iyeza ukwahlulela umhlaba: iyakwahlulela izwe ngokulunga, nabantu ngeqiniso layo.
Kunezinkulungwane zamahlelo ehlukene ezweni namuhla. Inkolo ngayinye igxeka enye, nokho zonke zithembisa insindiso ngehlelo lazo. Sazi kanjani ukuthi yiliphi esifanele silikhethe na?
Uma sikhetha ibandla eliKatolika, khona-ke semukela ukunxusela kwabangcwele, okungehlukile nokukhuleka ezithixweni. IBhayibheli lithi, “Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu;” (I Thim 2:5). Umpristi ubizwa ngo “Fata” okwanqatshelwa nguJesu kuMath 23:9: “Futhi ningabizi-muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo: ngokuba munye uYihlo, osezulwini.” I-Assemblies Of God isitshela ukuthi ukukhuluma ngezilimi kungubufakazi bokuqala obubonakalayo bukaMoya oNgcwele, ngenkathi uPawulu ethi, “Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo, noma insimbi encencethayo.” (I Kor 13:1)
Cishe impela onke amahlelo ayashesha ukusitshela ukuthi izinto eziningi eBhayibhelini zitolikwa ngokungesikho, zalahleka ekuhunyushweni, noma azisebenzi ezweni lanamuhla. Ngakho, ngabe sifanele sikholwe iBhayibheli yini noma izimfundiso zehlelo na? Yini uNkulunkulu ayoyisebenzisa njengomgomo wokwahlulelwa na?
Uma bengingabuza iKatolika lapha kulobubusuku, “Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyolehlulela ngani izwe na?” IKatolika lithi, “NgeBandla eliKatolika.” Kulungile, manje liphi lona iBandla eliKatolika na? Manje banelaseRoma, iBandla lomthetho lamaGreki, namaningi awo. Bekungaba yilona liphi iBandla eliKatolika na? ILuthela lithi, “Ngathi,” khona-ke nina Baptisti niphandle. Bese kuthi-ke uma besingathi, “NgeBaptisti,” khona-ke nina maPentecostal niphandle. Ngakho bekungaba ngukudideka okukhulu, akekho obezokwazi ukuthi enzenjani; ngakho Akazange athembise ukwahlulela izwe ngebandla.
Wathembisa ukwahlulela izwe ngoKristu, noKristu yiZwi. NeBhayibheli yilokho okuyokwahlulela izwe, okunguJesu Kristu onguyena izolo, namuhla, naphakade.
Izinkomba
Johane 1:1
Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
Johane 1:14
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu (sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso
Johane 5:22
Ngokuba noYise kahluleli-muntu, kodwa ukunike iNdodana konke ukwahlulela:
Johane 12:48
Ongalayo, engamukeli amazwi ami, unomahlulelayo: izwi engalikhulumayo, yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina.
Kwabase-Efesu 1:5-7
Wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba-kuhle kuye ngentando yakhe,
Ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe, asiphe wona ngesihle ngaye othandiweyo.
Esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono, ngokwengcebo yomusa wakhe;
Kwabase-Efesu 2:5-8
Sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu, (kungomusa nisindisiwe;)
Futhi wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu:
Kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele bakhe kithina kuKristu Jesu.
Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokho akuveli kini: kuyisipho sikaNkulunkulu:
I Johane 1:7
Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.
Isambulo 22:18-19
Ngokuba ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho salencwadi, Uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kulencwadi:
Futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesisiprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe encwadini yokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kulencwadi.