Ngokusobala, umbhaphathizo usemqoka kakhulu, kodwa ngabe kunendaba ukuthi sibhaphathizwa kanjani na? Ukhona yini umbhaphathizo oqondile, kumbe noma yini iyosebenza na? Uma ulikholwa iBhayibheli, khona-ke YEBO, ukhona umbhaphathizo oqondile.
Iningi lamabandla libhaphathiza eGameni likaYise, iNdodana, noMoya oNgcwele, kodwa lokhu akusikho okuqondile ngokweBhayibheli.
EZenzweni 19, kwakunabantu abathize abase bevele bekholiwe kuJesu Kristu, kodwa babengakamemukeli nokho uMoya oNgcwele ezinhliziyweni zabo. Umphostoli uPawulu wayeyazi indlela eqondile ukwemukela uMoya oNgcwele, ngakho wababuza, “Pho nabhaphathizelwa kukuphi na?” Base bethi, “Embhaphathizweni kaJohane.” (IZenzo 19:3) UPawulu wabona ukuthi babengabhaphathiziwe ngokomyalelo kaPetru eZenzweni 2:38, ngakho wabayala ukuba baphinde babhaphathizwe eGameni leNkosi uJesu. Manje-ke, njengoba kwethenjiswa, bemukela uMoya oNgcwele.
Ngakho, abafundi babhaphathizelani eGameni likaJesu kanti uJesu, qobo lwaKhe, wabatshela ukuba babhaphathize eGameni (hhayi “amagama”) kaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele na? (UMath 28:19) Benza iphutha na? Qhabo! Benza khona impela njengoba bayalwa.
Njengoba ufunda loludatshana, cabanga ngegama lakho. Uyindodana na? Ngabe igama lakho u, “Ndodana” na? Ungumama na? Ngabe igama lakho u, “Mama” na? Impela qha, lezo kalula yiziqu nje. Unegama langempela, futhi unjalo noNkulunkulu.
Nansi impendulo:
Futhi ayikho into enjalo eBhayibhelini enjengokuthi ukhona noma ubani owake wabhaphathizwa egameni likaYise, iNdodana, uMoya oNgcwele; ngoba ayikho into enjalo. UYise akukho-gama; neNdodana akukho-gama; noMoya oNgcwele akukho-gama; kodwa iGama likaYise, iNdodana, uMoya oNgcwele yiNkosi uJesu Kristu.
UJesu Kristu nguNkulunkulu! UnguYise, iNdodana, noMoya oNgcwele.
Uma ufuna uMoya oNgcwele futhi umangala ukuthi kungani iNkosi ingakakuniki yena nokho, khona-ke ungafuna ukuzibuza wena uqobo umbuzo ofanayo uPawulu awubuzayo, “Pho nabhaphathizelwa kukuphi na?”
Izinkomba
Mathewu 28:19
Ngalokho hambani, futhi nifundise izizwe zonke, nibabhaphathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele:
[Ubani iGama likaYise na? IGama leNdodana na? IGama likaMoya oNgcwele na?]
Marku 16:16
Okholwayo abhaphathizwe uyakusindiswa; kepha ongakholwayo uyakulahlwa.
Johane 5:43
Ngize egameni likaBaba wami futhi aningamukeli: uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena:
[Uma Eza ngeGama likaYise, ubani-ke iGama laKhe na?]
Johane 10:30
Mina noBaba wami simunye.
Johane 12:45
Obona mina ubona ongithumileyo.
Johane 14:8-9
UFiliphu wathi kuye, Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.
UJesu wathi kuye, Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi, Sikhombise uYihlo na?
Johane 20:27-28
Wayesethi kuTomase, Zisa lapha umunwe wakho; ubone izandla zami; futhi zisa isandla sakho, futhi usifake ohlangothini lwami: futhi ungabi-ngongakholwayo, kodwa okholwayo.
NoTomase waphendula wathi kuye, Nkosi yami noNkulunkulu wami.
IZenzo 2:38-39
UPetru wayesethi kubo, Phendukani, yilowo nalowo abhaphathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.
IZenzo 4:12
Ayikho insindiso ngomunye: ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.
IZenzo 8:12
Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhaphathizwa, abesilisa nabesifazane.
IZenzo 19:3-6
Wayesethi kubo, Pho nabhaphatizelwa kukuphi na? Base bethi, Kukho ukubhaphathiza kukaJohane.
UPawulu wayesethi, UJohane qiniso wabhaphathiza umbhaphathizo wokuphenduka, ethi kubantu, mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi, kuKristu Jesu.
Bathi ukuzwa lokhu, babhaphathizwa egameni leNkosi uJesu.
Kwathi uPawulu esebekile izandla zakhe phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, futhi baprofetha.
Kwabase-Efesu 4:5
Yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhaphathizo,
KwabaseKolose 3:17
Konke enikwenzayo noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu noYise ngaye.
I Johane 5:7
Ngokuba bathathu abafakazayo ezulwini, uBaba, iZwi, noMoya oNgcwele: nalaba abathathu bamunye.